Inkampani

abantu abazihlanganisile baba ngumshumanqa

Inkampani iyinhlangano engokomthetho emelela abantu abazihlanganisile, kungaba ngokwemvelo, ngokomthetho, noma kokubil, abanempokophelo eyodwa eqondile. Amalungu wenkampani anenjongo eyodwa futhi ayabumbana ukuze afeze izimpkokophelo eziqondile azifunayo. Izinkampani zivame ukuthatha izimo ezihlukahlukene ezifana nalezi:

  • ukuba izinhlangano zokuzithandela, ezihlanganisa izinhlangano ezingenzi nzuzo
  • ukuba imihwebo, enenjongo yokwenza umvezo
  • ukuba izinhlangano zentwisha namabhange
  • ukuba izikhungo zemfundo nezinhlelo zazo
Isakhiwo sehhovisi lenkampani wesimanje eMünster, eNyakatho Rhine-Westphalia, eJalimane
umbijongo wamahhovisi enkampani yakwa-Nokia e-Hervanta, kwelase-Finland.


Inkampani ingenziwa ibe ngumuntu osemthethweni kuze inkampani ngokwayo ulibe nesimelo esiwumkhawulo lapho amalunga ehluleka ukwenza imisebenzi yawo ngokwesimemezelo sasobala sokuba inkampani, noma inqubomgomo eshicilelwe. Lapho inkampani ivalwa, kungadingeka ukuba ithengise ukuze igweme isibopho esingokomthetho.

Izinkampani zingaziyamanisa futhi zizibhalise njengezinkampani ezintsha; izinhlangano ezivelayo zibizwa ngokuthi amaqembu ezinkampani.

Izincazelo nezincasiselo

hlela

Inkampani ingachasiswa ngokuthi "umenzo okhandiwe", ongabonakali, ongaphatheki, odalwa ngokomthetho, onesithunzi esingokomthetho, uchunge lwaphakade, nomqwamba owodwa. Ngaphandle kwezikhundla ezithile eziphezulu, izinkampani azithintwa ukufa, ukuhlanya, noma izikweletu zamalungu wazo.

  NODES
Done 1
eth 6